Ukuhweba ngezinhlanzi wukwenza imisebenzi ephathelene nokudoda njengokuthengisela amanye amazwe izinhlanzi ngenhloso yokwenza inzuzo. Ukuhambisa izinhlanzi zasemanzini uzise kwamanye amazwe noma uzise ngaphandle kwemincele yase South Africa, kumele ufake isicelo sephomedi yokuthumela impahla ngaphandle kwaleli ekhishwa ngungqongqoshe wegatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma isiphathimandla esikhethiwe. Akekho umuntu ovunyelwe ukuthi athumela izinhlanzi ngaphandle kwaleli ngaphandle kwephomedi yokwenze njalo. Faka isicelo esisha sephomedi uma lena onayo isiphelelwe yisikhathi emuva kwezinyanga ezintathu. Uma uhluleke ukuthobela lesimiso sephomedi, ingamiswa iphomedi yakho noma ihoxiswe.
Faka isicelo Iphomedi yokuthumela impahla ngaphandle kwaleli.
Fundisisa ifomu uqinisekise ukuthi uphetha zonke izimfanelo zesimiso zesicelo.
ubufakazi bomthwalo kanye nekheli lalabo abazokunikeza izinhlanzi ozozithumela igama elejwayelekile nelesayensi lenhlanzi nenani lezinhlanzi ozozithumela.
umazisi wakho kanye namaphepha okubhaliswa kwenkampani yakho iphomedi esebenzayo yokuthumela impahla ngaphandle kwaleli evela egatsheni lezohwebo nezimboni noma isaziso sephomedi isitifiketi sokuthi awukweledi intela esikhishwe ngabonyango wezentela wase South Africa..
Imali yokufaka isicelo ingu R225.
Gcwalisa, usayine uposele ifomu lakho namaphepha adingekayo kwabaphethe ezamanzi nesifunda sasogwini thumela amaphepha okuqala ngaphandle kwaloko iphomedi ingeke ikhishwe.
Amaphepha okuqala yiwona okumele uwathumele, ngaphandle kwaloko iphomedi ungeke uyithole.
Isicelo sakho sizosetshenzwa izinsuku ezingu 7 noma ngaphezudlwana uma amaphepha onke aphelele.
Imali yokufaka isicelo ingu R225. Izindleko zingakhushulwa njalo ngomnyaka noma ngokusho kuka ngqongqoshe wegatsha eliphethe izindaba zenhlalo yendawo nezokuvakasha noma isiphathimandla esikhethiwe besebenzisana nongqongqoshe wezezimali.
